Akuvunyelwe iPhalamende lenze umsebenzi walo, kukhishwe uZuma - Maimane

2018-02-12 16:00

Cape Town – Umholi we-DA uMmusi Maimane uthi iPhalamende kumele livunyelwe lenze umsebenzi walo uma izingxoxo phakathi kukamengameli we-ANC uCyril Ramaphosa noMengameli Jacob Zuma zingaphumeleli.

UMaimane ukusho lokhu ngesikhathi ezobika ngomhlangano wesigungu esiphezulu se-DA obungempelasonto eKapa.

Uthi iNingizimu Afrika ngeke ikwazi ukuhlala isonge izandla ngalolu daba.

"Uma iPhini likaMengameli Ramaphosa [lehluleka] ukukhipha uMengameli Zuma, akuvunyelwe iPhalamende lenze umsebenzi walo, sidlule kulolu daba.”

OLUNYE UDABA: Kuyaphela ngoZuma namhlanje, kusho amalungu e-NEC

UMaimane uyavuma nokho ukuthi ukukhethwa kukaRamaphosa kwesokuhola i-ANC kushintshe umuzwa ezweni.

Uthi kodwa indlela uJacob Zuma enza ngayo izinto iyakhombisa ukuthi usenamandla amangakanani, nokuthi ijule kangakanani inkohlakalo ayakhile.

UMaimane uthi indlela akhulume ngayo kodwa futhi uRamaphosa ngeSonto eKapa ikhombisa ukuthi ihamba phambili i-ANC kuneNingizimu Afrika njengoba ecabangala kakhulu ngobumbano lwenhlangano.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...