'Akusiye yedwa uManana, abanye bangcole kakhulu'

2017-08-13 13:30

Johannesburg - UMengameli we-ANC Women's League, uBathabile Dlamini usevikele iSekela likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana kulandela ukuhlasela abantu besifazane ababili ngempelasonto eledlule, wathi bakhona abanye abaholi abasezikhundleni eziphezulu kahulumeni abayizigilamkhuba ngaphezu kwalokhu, ikubika abezindaba.

Engxoxweni abenayo nabeSunday Times, uDlamini uthe uphiko lwabesifazane ku-ANC, i-ANCWL, angeke angeke yona ayihambisani nokukhishwa kukaManana kuhulumeni njengoba isehlakalo sakhe sesisetshenziswa njengethuluzi lezepolitiki.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL nayo ifuna uManana esule esikhundleni sakhe

Lokhu okushiwo wuDlamini kuyephambana nomgomo we-ANCWL omelene nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane kanye nabanye abantu ababuthaka, nokubeka phambili amalungelo abantu besifazane, kubika iphephandaba.

Ebuzwa ukuthi ngabe uphiko lwabesifazane lwe-ANC lizomucela yini uMengameli uJacob Zuma ukuba alusukumele udaba lukaManana kulandela ukuthweswa kwakhe ngamacala okuhlasela abesifazane ngesonto eledlule, uDlamini uthe kuzomele kuthathelwe nabanye abaholi izinyathelo kuqala.

"Musani ukuqala kuye," usho njalo.

"Uma sithi sifuna ukuthi wonke umuntu onesikhundla esiphezulu kuhulumeni, kufanele sazi konke ngaye. Ngoba bakhona labo abayizigilamkhuba kakhulu ngaphezu kwaManana."

Thola udaba oluphelele ku-Sunday World



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...