'Akusilo usiko lwethu ukulothisa isidumbu'

2017-11-02 07:01

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala ongakaze ayihlawule indodakazi yakhe ayithola kowesifazane ogama lakhe nguNokukhanya Nkosi, ufuna ukuzingcwabela indodakazi yakhe.

Ngokusho kukaNkosi, uGedfrey Makaota onguyise wengane, akakaze abe yingxenye yempilo yendodakazi selokhu yazalwa.

UMakaota uthi ngemuva kokudlula emhlabeni kwendodakazi yabo uHlompho Nkosi, 6, ngoLwesihlanu uMakaota useqhamuka esethi ufuna ukuzingcwabela yona.

UNkosi noMakaota babanga isidumbu njengoba uMakaota efuna ukuzingcwabena indodakazi yakhe kanti uNkosi yena uthi isidumbu sizolothiswa.

OLUNYE UDABA:Kumbiwe isidumbu sowangcwatshwa nendathane yemali yokugwazela uNkulunkulu

"Ukulothiswa kwezidumbu akusilo usiko lwethu," kusho uMakaota.

Kodwa uNkosi ufunge wagomela ukuthi uMakaota angeke ayingcwabe indodakazi yabo eshonele esibhedlela eBoksburg, eKurhuleni. 

Abazali bale ngane njengamanje bayise lolu daba eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng.

IDaily Sun, ngoMsombuluko ivakashele ubaba wengane eTsakane, obenamalungu omndeni wakhe nawakwakaNkosi.

Uthe uNkosi akajabulile ngokuba khona kwakhe ezinsukwini zokugcina zendodakazi yakhe.

"Indodakazi yami yagula kakhulu kanti ngibona kungakuhle ngiyivalelise kahle."

Udadewabo kaNkosi, uFlorence Mashaba, 48, uthe naye akahambisani nezinhlelo zikadadewabo zokulothisa isidumbu sengane.

"Asithokozile neze ngoba ufuna ukwenza izinto ngendlela yakhe yedwa futhi ubengakabazisi nomakhelwane ukuthi ingane ayisekho emhlabeni."

IDaily Sun ikhulume noNkosi, 37, othe asikho isidingo sokuthi achaza ngesinqumo asithathile ngoba vele uzokwenza izinto ngendlela abona ifanele.

"Leya ndoda ayikaze iyihlawule indodakazi yami futhi ayisoze yayingcwaba, kwaphela nje!"

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...