Akusekude kuqale izivivinyo zikamatikuletsheni

2017-09-01 18:01

Durban - Sekusele izinsuku ezingaphansi kwezingu-50 kuqale izivivinyo zikamatikuletsheni kanti konke sekulele kubona abafundi ngekusasa labo.

Ngokuthola kwe-Eyethu KZN, lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwana, emcimbini wokugqugquzela abafundi ukuba bazibambe ziqine, obubanjelwe esikoleni iLinpark High, ngoLwesihlanu.

Njengoba ngonyaka ophelile amazinga okuphasa ayeku-64% esuka ku-60% ngo-2014 uDlungwana uthe ulindele ukuba anyuke esuka ku-76% kuya phezulu.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa umatikuletsheni ukuba ulungiselele izivivinyo

UNgqongqoshe uthe bakwenze konke okufanelekile bewuMnyango ukulingiselela abafundi zizvivinyo futhi baphumelele kuzo, kusukela ekuqaleni konyaka, belungisa amakilasi behambisa nezincwadi kusenesikhathi kanye nokunye okuningi.

"Njengamanje kulele kumfundi ngamunye ukuba azibonakalise ngomsebenzi abekade ewenza yonke le minyaka eyishumi nambili efunda,” kusho uDlungwana.

Izikole ziqede ngomhlaka-31 Agasti ukufundisa umatikuletsheni kanti kusukela ngomhlaka-1 Septhemba kuzobuyekezwa obekufundwa unyaka wonke, kusho uDlungwana.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...