Akumnandi kwizakhamuzi zaseNkandla ngokukhishwa kukaMengameli esikhundleni

2018-02-13 13:59

Nkandla - Izakhamuzi zaseNkandla, okuyindawo uMengameli Jacob Zuma adabuka kuyo, zitshele abezindaba ukuthi izinhliziyo zibuhlungu ngokuzwa lezi zindaba zokugudluzwa kukaMengameli esikhundleni.

Indawo yaseNkandla yindawo esemakhaya, engafani neze neyasedolobheni, okusho ukuthi imizi iqhelelene.

Lokhu yikho okudale ukuthi kubenzima ukufinyelela ebantwini abaningi bakule ndawo njengoba bebeqhuba imisebenzi yabo yemihla namalnga.

OLUNYE UDABA:I-ANC izobamba isithangami sabezindaba ngolukaZuma namuhla

Abezindaba i-EWN, nakuba kunjalo, bakwazile ukukhuluma nezakhamuzi ezimbalwa, omunye wazo nguMaSithole obelinde ibhasi esitobhini.

Uthe akukho okuningi angakusho ngaphandle kokuzwakalisa ukudabuka kwakhe ngokukhishwa kukaZuma esihlalweni.

Esinye isakhamuzi esingathandanga ukuqoshwa, sithe sibona inhlekelele kwi-African National Congress (ANC) njengoba iphoqa ukuthi uZuma ashenxe esikhundleni engakaliqedi ihlandla lakhe njengomengameli.

 - Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...