Akumele uMengamele akhethe ozongena esikhundleni sakhe - Mchunu

2017-09-23 14:16

Johannesburg - Lowo owayengusihlalo we-ANC Kwa-Zulu Natal, uSenzo Mchunu, uthi i-ANC akumele ivumele uMengameli Jacob Zuma aqoke ozongena esikhundleni sakhe, ngoba lokhu kuzodala okunye ukwahlukana phakathi eqenjini elibusayo.

UMchunu ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu eNehawu eMahikeng.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa acela usizo ngababulale umlimi, balimaze umndeni

Uthe kungumsebenzi wamagatsha ukuzikhetha abaholi abasha, hhayi okaMengameli, kubika iSABC.

Uthe, “Awukwazi ukusebenzisa amandla akho nesihlalo njengomengameli wezwe, umengameli we-ANC, ukuqoka ozongenela ukhetho, ngoba lokho kungadala ukwahlukana phakathi enhlanganweni, uma ezikhethela yena, okuyinto enginenkinga nayo, okwesibili, ukhetha emndenini. “Kungenzeka ukuba kwabanesehlukaniso phakathi kukaMengameli noNkosazana Dlamini-Zuma, kodwa uNkosazana Dlamini-Zuma wasigcina isibongo.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...