Akukaboshwa muntu ngokubulawa kwendoda kuqubuka ingxabano eLimpopo

2017-11-30 08:01

Limpopo – Akukaboshwa muntu kulandela ukudutshulwa kubulawe indoda eneminyaka engu-23 ubudala ePolokwane ngoLwesibili, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Imoto yohlobo lwe-VW Citi Golf eyayihamba kuChurch Street ibheke eLebowakgomo, kusolwa ukuthi yamela umuntu owayecela ukugitsheliswa, ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwalo mshayeli nabantu ababeme eduzane nakule ndawo okucelwa kuyo olifti, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe ngoLwesithathu.

Kwaqhuma izibhamu, omunye wamalungu omphakathi owayeme kule ndawo washaya le moto ngesitini," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kubulawe umshayeli wetekisi kuqubuka ingxabano emgwaqeni

Abantu abane, kubalwa nendoda okusolwa ukuthi yadubula, babaleka ngonyawo endaweni yesigameko.

UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uthe indoda, 23, eyadutshulwa yabulawa ngumshayeli wetekisi.

UNgqongqoshe uMakoma Makhurupetje uzwakalise ukukhathazeka kwakhe wacela ukuthula kulandela isigameko.

Imbangela yesigameko ayikaziwa.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane noCaptain Richard Boshomane ku-079 894 5501, noma ashayele uCrime Stop ku-0860010111, noma athumele umqhafazo ku-crime line SMS 32211, okanye aphuthume esiteshini samaphoyisa esiseduzane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...