Akukaboshwa muntu ngokubulawa kwabantu ababili eKraaifontein

2017-08-30 11:01

Cape Town - Akukaboshwa muntu esigamekweni sokubulawa kwabantu ababili eScottsville, eKraaifontein.

NgoMsombuluko ebusuku kudutshulwe kwabulawa amadoda amabili okukholakala ukuthi ahlobene.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abantu ababili egaraji likaphethiloli

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe: "Zombili izisulu zishonele endaweni yesigameko ngenxa yokulimala kanzima. Sivule amacala amabili okubulala ukuze kuzophenywa.

"Imbangela yesigameko kanye nabasolwa ayikaziwa okwamanje. Imbangela yesigameko iyaphenywa."

 - EWN


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...