Akukaboshwa muntu ngababili ababulawe eGlebelands

2017-07-27 18:02

Durban – Amaphoyisa aseThekwini akuqinisekisile ukuthi babili abantu ababulawe ehostela lezimanga iGlebelands eMlazi ngoLwesithathu ebusuku.

Isisulu sokuqala kube ngowesilisa oneminyaka engu-32 ubudala odutshulwe ekhanda ngabasolwa abangaziwa.

Ngokusho kwamaphoyisa lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ebusuku ngo-20:15.

“Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike washonela khona. Inhloso yokuhlaselwa kwakhe ayikaziwa kodwa kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseMlazi,” kusho uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu eGlebelands

Isisulu sesibili ngosewimame oneminyaka engu-53 ubudala okukholakala ukuthi udutshulwe ngemuva kwehora kwenzeke isigameko sokuqala.

Lo mama kuthiwa udutshulwe ngabasolwa ababili abafike esitolo sakhe bezenza amakhasimende.

UMbhele uthi lo wesimame ushonele endaweni yesigameko kanti ayikacaci kahle imbangela yokuhlaselwa kwakhe.

Akukaboshwa muntu mayelana nalezi zigameko zombili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...