Akucaci kahle ukuthi ukuphi umka Mugabe ofunwa ngelokushaya

2017-08-16 12:30

Johannesburg – Kubikwa ukuthi uGrace Mugabe, ongunkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, usakuleli kodwa akwaziwa ukuthi ukuphi nendawo, kubika i-Eyewitness News.

Eminye imibiko ekuseni ngoLwesithathi ithe uGrace Mugabe utheleke izolo ntambama esikhulumweni sezindiza iPrince Charles, eZimbabwe.

UmkaMengameli usolwa ngokushaya alimaze unobuhle waseGoli, uGabriella Engels, ehhotela eliseSandton ngeSonto.

NgoLwesibili, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthe uMugabe uzinikele emaphoyiseni futhi uzovela enkantolo kodwa laze lashona ilanga engabonwa.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi kaMengameli ulandise ngokushelwa kwakhe

Khonamanjalo, okhulumela amaphoyisa uVishnu Naidoo uthi ukholelwa ukuthi idokodo selikulungele ukuba lidluliselwe kumshushisi ophezulu ukuba athathe isinqumo ngalolu daba.

"Konke kuzoncika ekutheni uthini umshushisi, ngaphambi kokuba sicabange ngokuthungatha umsolwa bese siyambopha noma simxwayise ukuba kuzomele avele enkantolo.”

Khonamajalo, u-Engels uthi akukho ukwesatshiswa okungamenza ahoxise icala alivulele umkaMugabe.

Inhlangano yomphakathi eZimbabwe, iTajamuka, ithi ishaqekile ngezinsolo ngoGrace Mugabe kodwa yathi akaqali ukushaya amalungu omphakathi njengoba evamile ukukwenza lokhu eZimbabwe kodwa angaboshwa.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...