Akuboshwe indodana kaJacob Zuma - Malema

2018-03-04 17:54

Johannesburg – Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ufuna kuboshwe indodana kaJacob Zuma, uDuduzane, washo nokuthi kumele anganikezwa ibheyili ngoba angase abalekele kwelinye izwe.

UMalema uthi indodana kaZuma iyathinteka ezinsolweni nge-state capture kakho kumele ibhekane nengalo yomthetho.

Ekhuluma nabalandeli be-EFF emkhankasweni wenhlangano yakhe wokubhalisela ukuvota obubanjelwe eGoli ngoMgqibelo ntambama, uMalema uthe uDuduzane Zuma ubelokhu entshontsha izimali zezwe ngokukhululeka.

OLUNYE UDABA: Ukuba ayikho i-EFF ngabe izwe alikho lapha - Malema

UMalema uthi kungenxa ye-EFF njengoba kubonakala abantu beboshwa manje ngezinsolo ze-state capture.

“Indodana kaZuma, eyazalelwa eMozambique, ibalekela iziphathimandla zaseNingizimu Afrika. Akukho ukucwasa ngokobuzwe kulokhu. Wazalelwa eMozambique, useke wahlala eZimbabwe naseSwazini kanti manje usefake isicelo sokuthola ubuzwe eDubai.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...