Akhiyelwe ngaphandle amaphoyisa aseMpangeni ngokungayikhokhi intela

2017-02-13 16:06

eMpangeni - Amaphoyisa ophiko lwe-Crime Intelligence eMpangeni azithole evaleleke ngaphandle emsebenzini ngoMsombuluko ngenxa yokuthi ibingakhokhiwe imali yerenti yendawo abayiqashile.

La maphoyisa afike kule ndawo ahlangatshezwa yingidi kanye nomyalezo omkhulu obubhalwe ngamagama abomvu othi: “Isaziso: Lesi sakhiwo sikhiyiwe ngenxa yokungakhokhwa kwentela, kusho abaphathi.”

OLUNYE UDABA:Licishe lagqema amaphoyisa ikhehla libanjwa lenza ucansi emotweni

Leli bhilidi elaziwa ngokuthi yi-Property House, lisemgwaqeni uRex Henderson, eMpangeni, kanti kukholakala ukuthi angu-40 amaphoyisa asebenzela kulo.

Akukaqondakali kahle ukuthi ngobani abanikazi baleli bhizinisi nokuthi yimalini abakweletwa yona, kubika iCitizen.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile lokhu kodwa wathi uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ongakwazi ukuchaza kabanzi ngalokhu okwenzekile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...