Akekho owaziyo ukuthi kwenzalakalani mhla umkhwenyana elala nomkhwekazi

2016-08-24 16:02

Bloemfontein – Kubukeka sengathi akekho oyokwazi ngemininingwane yokwenzeka ngosuku okwabanjwa ngalo indoda embhedeni noomkhwekazi wayo.

Laba bobabili babedakwe kakhulu kangangokuthi abasakhumbuli ukuthi baphelela kanjani embhedeni bobabili, kubika iNetwerk24.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umamezala nomakoti wakwakhe ngawokukhwabanisa

Umkhwenyana ubethweswe icala lokuhlukumeza ngokocansi kulandela isigameko kodwa lawo macala ahoxiswa eNkantolo yesiFunda yaseBloemfontein ngoMsombuluko ngemuva kokuba nesivumelwano.

Ngaphambilini, lo wesilisa  wathi wayecabanaga ukuthi ulele nonkosikazi wakhe, 22.

Kwisivumelwano umkhwenyana, 31, uthe: "Ngiyaxolisa. Sonke sasicwile ezinkambini zikaFaro. Angikhumbuli ukuthi kwenzakalani kodwa ngiyazisolafuthi ngiyaxolisa. Ngicela uxolo kumamezala wami."

Umkhwekazi, 50, uthe: "Angikhumbuli lutho. Siwumndeni kanti futhi ngizomxolela. Angifuni ukuthi ashushiswe. Ngifuna aqondiswe kuphela."

Kulesi sivumelwano kuphinde kuxwayiswe le ndoda ngokuthi izoshushiswa uma iphinde yenza icala elifana naleli.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...