Akasekho emhlabeni umfundi 'owashaywa esolwa ngokweba u-R150 esikoleni'

2017-03-20 18:02

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eMpumalanga uqinisekise ukushona komfundi owashaywa wuthishanhloko esikoleni esiseMiddelburg, wahlalisa kwi-wheelchair.

USiphamandla Choma washaywa ngonyaka ophelile ngezinsolo zokweba imali engu-R150. Leli bhungu lakhubazeka ngemuva kokushaywa njengoba beselihamba ngesihlalo esinamasondo.

UMnyango uthe uthishanhloko usebekwe icala lokungaziphathi ngendlela kanti kulindekele ukuba avele phambui kwekomidi eliqondisa izigwegwe.

OLUNYE UDABA: Usemisiwe uthishanhloko 'owashaya umfundi wamuhlalisa kwi-wheelchair'

Isikhulumi soMyango, uJasper Zwane, sithe lo mfundi ushone ngeSonto.

"Sifuna ukuthatha leli thuba sidlulise okukhulu ukuzwelana nomndeni kanjalo nesikole. UNgqongqoshe wezeMfundo uzovakashela umndeni kusasa (ngoLwesibili) ngezithuba zabo-10:00 ekuseni," kusho uZwane.

NgoMashi, uMnyango wezeMfundo eMpumalanga uqinisekise ukuthi umndeni wakwaChoma uwuvulele icala wafuna isinxephezelo sika-R25 million.

Yize kunjalo, kuthiwa uMnyango uzozivikela kulokhu okufunwa yilo mndeni.

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C High level clouds. Mild. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...