Akasekho emhlabeni uJoe Mafela, uSdumo

2017-03-19 09:03

Durban - Inkakha yomlingisi, uJoe Mafela, ayisekho emhlabeni kulandela ingozi yemoto okubikwa ukuthi yenzeke izolo ebusuku.

Ingozi kuthiwa yenzeke ngezithuba zabo-22:00 ku-M1 north phakathi komgwaqo ongenela e-Oxford naseHoughton.

OLUNYE UDABA: Udlulise ukuxolisa ku-NFP u-VZ

UMafela waduma kakhulu elingisa indawo kaSdumo emdlalweni iSgudi Snaysi kuSABC 1 kanti udlule emhlabeni elingisa indawo kaTebogo Moroka kuGenerations The Legacy.

Umshana wakhe uqinisekise lezi zindaba enkundleni yezokuxhumana uTwitter.

Joea Mafela uzokhumbuleka nangengoma yakhe eyashisa izikhotha, iSheheleza.

Okwamanje imininingwane egcwele ngokufa kwakhe ibingakacaci.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...