Akakulungele ukuqula icala owabulala umyeni ngamafutha

2016-12-05 11:31

Johannesburg - Uphiko lokuShushiswa koMphakathi lufuna owesimame osolwa ngokubulala umyeni wakhe ngokumthela ngamafutha enziwe isiguli ngokusemthethweni.

IMantshi yaseLenasia, uS Mati, ithi umbiko ohlanganiswe udokotela wengqondo  esibhedlela iSterkfontein Psychiatric Hospital, eKrugersdorp, West Rand, uveze ukuthi uZandile Fumba ubengaphilile kahle engqondweni ngesikhathi ethela umyeni wakhe uNkosiyethu ngamafutha abilayo.

Lo mbiko uthunyelwe enkantolo uphiko lokushushiswa kwabantu nokuyiwona othi uFumba akenziwe isiguli ngokulandelwa komthetho wesiGaba 79 weNqubo yobuGebengu.

OLUNYE UDABA:'Uwungoqo umyeni obulale umakhwapheni kankosikazi'

“Lo mthetho uthi uma kungekho abaphikisayo, singakuthumela esibhedlela iSterkfontein... Umbuso noma abammeli bakho banalo ilungelo lokukuphikisa lokhu, kumele kuphenywe ngalokhu kodwa hhayi namuhla,” kusho iMantshi.

Leli cala lihlehliselwe umhlaka 7 kuDisemba, kuwo lo nyaka, kubika iSowetan.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...