Agwetshiwe amadoda amathathu abulala amanye eNanda

2018-04-17 13:59

Durban - INkantolo yesiFunda yaseNtuzuma igixabeze uPhumlani Xotshombe, 24, uMawanda Calata, 21, noLwandiso Xotshombe, 27, iminyaka engu-68 bebhadla ejele ngamacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.

Ngomhlaka-28 Januwari 2017 ngezithuba zabo-00:15, u-Anele Ndzambela nabangani bakhe babephuza ethaveni eseBhambayi eNanda kwathi sebegoduka bahlaselwa abasolwa ababehlome ngemimese nangebhodlela likabhiya elifile.

Abasolwa bagwaza babulala uNdzambela, 29, noMazizi Magxala, 34, baphinde bagwaza nomngani wabo owathola amanxeba amabi kodwa wasinda, waphuthunyiswa esibhedlela eyolashwa.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele ogwaze wabulala omunye ethaveni

Amacala okubulala avulwa esiteshini samaphoyisa aseNanda kwabe sekuphenywa, uphenyo lwaholela ekutheni kuboshwe abasolwa kanti nokushushiswa kwabo kwaba yimpumelelo.

UPhumlani Xotshombe ugwetshwe iminyaka engu-13 ngecala ngalinye lokubulala, uCalata yena ugwetshwe iminyaka engu-13 ngecala lokubulala, engu-8 ngecala lokuzama ukubulala kanti uLwandiso Xotshombe yena ugwetshwe iminyaka engu-13 ngecala lokubulala neminyaka engu-8 ngecala lokuzama ukubulala.

Inkantolo iphinde yabathola bengekho esimeni sokuphatha izibhamu.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, iBamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natala uMajor General Bheki Langa usishayele ihlombe lesi sigwebo.

"Sibonga umsebenzi omuhle owenziwe ngamaphoyisa ekuphenyeni leli cala okwenze kwayimpumelela ukuba abasolwa balahlwe ngamacala," esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...