Abokuqala ohlelweni lwabashada beqala ukubonana bathi...

2017-11-03 12:34

Cape Town – Umakoti wokuqala ohlelweni iMarried at First Sight South Africa, uKhensani Maluleke, wayelokhu echobozela ebona umyeni wakhe okokuqala ngqa empilweni yakhe.

Le ntokazi yayigana uPatric Mbenenge kulolu hlelo olwaqala ngoLwesihlanu olwedlule ku-Lifetime (DStv 131) ngo-20:50. 

Luthe luqhubeka uhlelo kwabonakala ukuthi umakoti, 30, oseshintsha umqondo ngenxa yokuthi useyabona ukuthi uPatric akayona le nhlobo eyithandayo.

OLUNYE UDABA:Umbono: Ngabe ufuna umshado wesintu noma umshado omhlophe

Into ayekhala ngayo kakhulu yisimo sezimali sikamkhwenyana kanti lokhu kumenze waphendulwa unontandakubokwa wathola nokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana.

Engxoxweni yakhe nabeChannel24 uKhensani uthi kuningi okwakusemqondweni wakhe ngaloluya suku.

“Ngesikhathi sokudla, bengizama ngakho konke ukulawula ukukhathazeka kanye nemizwa yami, ukukhathazeka komndeni nabangani bami kanye nokuvikela umyeni wami omusha nabasemzini futhi ngizama nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uthokozile,” kusho yena.

Uqhubeke wathi: "Kuningi ebengikucabanga ngesikhathi ngethula inkulumo yami, ngaleso sikhathi kuningi obekusangididile futhi kuningi esengikufundile ngalesi sigameko kanti nendlela abantu abayithathe ngayo le nto ezinkundleni zokuxhumana kungivule amehlo kwangenza ngazinuka amakhwapha."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...