Abezimo eziphuthumayo bamatasa babhula umlilo eSimon’s Town

2017-01-11 19:31

Cape Town – Izakhamuzi zaseSimon’s Town eKapa zihlanganyele ndawonye zibhula ilangabi eliqubuke kuleli dolobha.

Kuvalwe imigwaqo emikhulu phakathi kwaseSimon’s Town kanye naseGlencairn Expressway njengoba abezicishamlilo bematasa bezama ukubhula lomlilo.

Lo mlio uqale ngase-Ocean View ekuseni, kanti u-Estelle Ramsden uthi ulibonele kude ilangabi kodwa kazange alinake kangako ngoba belilincane.

OLUNYE UDABA:Ushonile owaseMandeni kuqubuka umlilo egumbini lokulala

“Ngilibonile ilangabi elincane ekuseni kodwa ngangalishaya ndiva, ngimangale sengibuya kolanda ingane esikoleni umlilo ususeduze komuzi wami,” kusho yena.

Yize kungakaqondakali kahle ukuthi lo mlilo uqale kanjani, uhulumeni waseKapa ukhiphe umehlo kaboni ngolwazi oluzosiza kutholakale lowo owothele lomlilo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...