Abesifazane behlula abesilisa ngamalengiso emanyuvesi nasezikoleni - Ucwaningo

2017-12-05 11:01

Johannesburg – Ucwaningo olwenziwe ngodokotela basenyuvesi yaseStellenbosch luveza ukuthi abesifazane bayabehlula abesilisa ezikoleni nasemanyuvesi.

Lolu cwaningo lwenziwe nguDkt Nic Spaull kanye noHendrik van Broekhuizen, abe-Socio-Economic Policy (ReSEP) abasebenzela enyuvesi yaseStellenbosch emnyangweni wezezimali.

Lolu cwaningo olubizwa nge-‘Martha Effect' luthi abesimame babonakala behamba phambili emfundweni ephakeme eNingizimu Afrika, lokhu kuvele emaphepheni eStellenbosch Working Paper Series emnyangweni wezezimali kanye nocwaningo lwezezimali.

USpaull uthi inhloso yalolu cwaningo wukubonisa ukuthi iningi labantu besifazane yibona abawasukulema kakhulu amathuba okufunda kanye nokuqhubekela phambili ngemfundo.

Lapha kubhekwe indlela abafundi bakaGrade 4, 5, 6 no-9 benza ngayo ezifundweni zezibalo, isayensi kanye nokufunda.

Kulolu cwaningo kubonakale ukuthi amantombazane abashaya emakhanda abafana abafunda nabo.

OLUNYE UDABA: Imfundo yamahhala akuyona eyezicebi - Nzimande

Kubuye kwahlolwa abafundi bakamatikuletsheni abebefunda ngo-2008 abaqhubekela phambili nemfundo.

Ngesikhathi kuhlolwa abenze umatikuletsheni phakathi kuka-2009 n0-2016, imiphumela imi kanje:

• 27% wabesifazane bafanelekile ukufunda emanyuvesi

• 34% ababhalise emanyuvesi;

• 56% abaqede izifundo zabo ze-undergraduate; kanti

• 66% uqhubekele phambili ngokuthola iziqu ze-bachelor.

Umbiko uqhubeke wathi aphansi kakhulu amazinga abesifazane abavame ukushiya phakathi emanyuvesi uma bephathaniswa nabesilisa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...