Abefundisi ababili babhekene namacala okudlwengula izingane

2017-10-22 15:30

eLimpopo - ELulekani ngaphandle kwasePhalaborwa, amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-52 ubudala ngokudlwengula indodakazi yakhe angayizali.

“Kukholakala ukuthi le ngane, 14, yingane kadadewabo kamfundisi kanti yaqala ukuhlala naye nomkakhe kusukela eneminyaka emithathu ngemuva kokushona kukamama wakhe.

“Lo msolwa ungumfundisi ebandleni elikhona kule ndawo kanti kuthiwa waqala ukudlwengula le ngane kusukela ineminyaka emithathu, kwaze kwaba wukuthi ibikela amaphoyisa,” kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe said.

Lo msolwa uzovela phambi kweMantshi yaseLulekani ngamacala okudlwengula nokunyukubeza ngokocansi.

Omunye umfundisi, 46, uboshwe ngamaphoyisa aseNamakgale phandle kwasePhalaborwa.

OLUNYE UDABA:Umfundisi wenyoka uthi unkulunkulu wakhuluma kuye.

Yena uvele kancane phambi kweMantshi yaseMamakgale kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 26 kwephezulu.

Kuthiwa yena wadlwengula intombazane, 14, okuyindodakazi yakhe angayizali kuyo le ndawo.

Kuthiwa umsolwa waqala ukudlwengula le ngane ngo-2015 kwaze kwaba wukuthi ubanjwa wunina wale ngane ophuthume wabikela amaphoyisa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...