Abefilimu engo-Pistorius bathi abanikwanga imvume

2017-10-05 17:52

Johannesburg – Abanikazi befilimu esisuse umsindo emayelana no-Oscar Pistorius bayavuma ukuthi umndeni wakwaSteenkamp nowakwaPistorius awubagunyazanga ukuba benze ifilimu.

Inkampani kamabonakude eMelika, iLifetime, ithi ayikaze ixoxisane nale mindeni yombili.

I-Oscar Pistorius: Blade Runner Killer, imayelana nempilo yalo msubathi, owalahlwa yicala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp ngo-2013.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala elibhekene nesishoshovu sabafundi

Ibheka izinto ezenzeka ngaphambi kokubulawa kukaSteenkamp, iphinde igxile nasekuthethweni kwecala enkantolo. Umfowabo ka-Oscar Pistorius, uCarl, uthi umndeni wakhe uzothathela abadidiyeli befilimu izinyathelo zomthetho, njengoba ethi ifilimu ayikhulumi okuyiqiniso ngokwenzeka.

Le filimu esematheni kulindeleke ukuba iqale ukubonakala ngoNovemba eMelika.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...