Abe-Uber bayamphika umshayeli odutshulwe eKapa ngoba wayengasebenzi

2017-12-07 09:31

eKapa - Kube yisehlakalo esibi kakhulu ngesikhathi kuhlaselwa owesilisa, 29, edutshulwa eKapa, kubika iThe Citizen.

Ngemuva kwalesi sehlakalo iqulu labashayeli lithathele emahhovisi e-Uber eGreen Light Hub eKapa efuna ukuzwa kabanzi ngezinhlelo zale nkampani zokuvikela abashayeli babo.

Okhulumela le nkampani uSamantha Allenberg ngesonto eledlule uthi i-Uber batshele bonke laba abasebenzisana nabo kodwa lo mshayeli uhlaselwe engekho emsebenzini,

OLUNYE UDABA:I-Uber iphucwe ilayisensi yokusebenza eLondon

"Kubuhlungu ngoba kunemibiko engelona iqiniso ezungeza ezindabeni. Siyazwelana kakhulu umndeni walo mshayeli ngalesi sikhathi sobunzima. Sizozama ukubalekelela nangophenyo lwamaphoyisa," kusho yena.

Uthi bayabahlonipha kakhulu abashayeli babo futhi baqinise ezokuphepha eziteshini ezigana nese-Gautrain futhi basebenzisana nabezimo eziphuthumayo ukuba baphume ngokusheha uma kukhona abashayeli abahlaselwe.

UTeresa Munchick omele inhlangano yabashayeli iThe Movement, uthi yize abe-Uber bathi lomshayeli ubengaveli kw-App yabo ngesikhathi ehlaselwa, baningi abashayeli abagcina behambisa abantu ezindaweni ezingaphephile futhi bengavikelwa yile nkampani.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...