Abe-Rainbow Chicken bathi izakhamuzi azidube inkukhu evela phesheya

2017-05-09 18:01

Durban - Isivumelwano phakathi kwabakwaRainbow Chicken Limited Foods (RCL Foods), inhlangano iFairplay, iSouth African Poultry Industry kanye ne-Food And Allied Workers Union (Fawu) sibuyise ithemba kubantu bakulela, kubika Eyethu News.

Le sivumelwano esisayinwe ngoMgqibelo emini emhlanganweni obugqugquzelwe yinhlangano i-Fairplay ekhala ngokuthi "ukulahlwa" kwezinkuku zaseMelika kuleli, akulungile futhi akukho emthethweni.

Ngokusho kukaFrancois Baird weFairplay, wonke amazwe awazibophezele ekugqugquzeleni imiphakathi ngokuduba imikhiqizo elahlwe ngamanye amazwe ukudayiselwa elakuleli ngoba lokho kulahlekisela abasekhaya ngemisebenzi.

OLUNYE UDABA:Yayingenabungozi inkukhu obekusolakala ukuthi yabulala izingane

Ngonyaka ophelile iRCL Foods iphoqeleke ukuba idilize abasebenzi abalinganiselwa ku-1 350 ngemuva kwesivumelwano sikahulumeni wakuleli, se-Agoa lapho iMelika yagcizelela ukuthi iNingizimu Afrika ayizithenge lezi zinkukhu ukuze nayo ithenge imikhiqizo yayo.

UScott Pitman oyisikhulu esiphezulu kwaRCL Foods uthi unethemba lokuthi lesi sivumelwano sizoba yikhambi lokugcina imisebenzi ngokuduba inyama yenkukhu evela phesheya.

“Kungenzeka ubonakale umehluko uma abantu baseNingizimu Afrika bezokugwema ukuthenga lemikhiqizo yangaphandle, egcina ngokuduvisa eyakuleli bese belahlekelwa yimisebenzi eyakuleli uma izinkampani zingasayenzi inzuzo,” kuqhuba uPitman.

Uqhubeke ngokuthi akusasizi ukukhalela ubisi oluchithekile.

Thola udaba oluphelele kwi-Eyethu News.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...