Abe-FeesMustFall baphazamise ukufunda enyuvesi

2017-09-19 18:00

Cape Town – Iqeqebana labafundi be-FeesMustFall ligasele emtapo wolwazi e-University of Cape Town laphinde laphazamisa ukufunda.

Inyuvesi isiwuvalile umtapo wolwazi ngenxa yalokhu okwenziwa abafundi.

Ungqondongqondo kulokhu kubukeka sengathi nguSibusiso Mpendulo owayehola abafundi naphambili kuvalwa inyuvesi.

OLUNYE UDABA: Umisiwe esikoleni umfundi othele omunye ngamanzi abilayo

UMpendulo kuthiwa unohlu lwezinto abazifuna kubaphathi benyuvesi.

Umkhandlu omele abafundi enyuvesi (SRC) uthi usazama ukuthola ukuthi lokhu kuphazamisa kudalwe yini.

I-SRC ibambe umhlangano ukudingida ngokuzokwenziwa kulandela lesi sigameko.

- Cape Argus

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...