Abazalwane abayizwa ekamfundisi waseThekwini othatha isithembu

2016-11-17 19:31

Durban – Intukuthelo idla lubi kubazalwane basebandleni iSt John’s, elaziwa kakhulu ngokuthi kuseChibini, eliseMalukazi, njengoba becikwa ukuthi umfundisi wabo uzoshadelwa omunye unkosikazi.

UMfundisi Ben Mthethwa kubikwa ukuthi uzoshada enye inkosikazi ngoMgqibelo.

Abazalwane bathi kuyabaxaka ukwenza kukaMthethwa ngoba enye inkosikazi yakhe yokuqala wayilaxaza bengazi ukuthi yoneni.

OLUNYE UDABA: Akwande isithembu kunciphe imijendevu

Elinye ilungu lebandla likhulume neSolezwe lathi uMthethwa uqondanise umshado wakhe nomgidi webandla khona kungeke kunakeke ukuthi kunamalungiselelo aqhubekayo omshado.

“Ayisiphethe kahle eyokushada kukamfundisi njengoba unkosikazi omdala axoshiswa okwenja layikhaya singazi wenzeni.

“Inkinga ukuthi akekho onesibindi sokuqonda umfundisi ngoba uyindoda enesithunzi,” kusho ilungu lebandla.

Kuthiwa unkosikazi omusha wafika ngemuva kokuhamba kwalo omdala, wathi ubonisiwe ukuthi uzoshada nomengameli webandla.

UMthethwa uthe akazi ukuthi yini le enenga abazalwane ngoba vele unamakhosikazi amaningi angasakwazi nokuwabala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...