Abazali bavumile ukuba kufakwe amakhondomu ezikoleni - UMnyango

2017-06-17 08:31

Johannesburg – UMnyango weMfundo eyisiSekelo uthi abazali bawamukele umgomo omusha wokuba kuhlinzekwe ngamakhondomu ezikoleni okuyingxenye yokulwisana ne-HIV, yizifo ezithelelana ngocansi kanye nesifo sofuba.

Umgomo unikeza izingane ezingaphezu kweminyaka engu-12 ubudala ilungelo lokuthola usizo oluthinta ezocansi nangokuhlela umndeni, ngaphandle kwemvume yabazali.]

OLUNYE UDABA: Kusazoba nzima kubathengi bakuleli

Lokhu kulandela izinguquko ezenziwa kwi-Criminal Law Sexual Offences and Related Matters Amendment Bill ezivumela izingane eziphakathi kweminyaka engu-12 kuya kwengu-16 ubudala ukuba zenze ucansi uma zivumelene.

Okhulumela uMnyango u-Elijah Mhlanga uthe: “Umgomo sekuneminyaka emithathu ulungiselelwa. Kubenokuxoxisana nabazali, othisha, izinyunyana, abezempilo kanye namalungu omphakathi, abavumelene ngo-elethu ukuthi i-HIV/Aids yisihlava okumele kulwiswane naso, ngazo zonke izindlela.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...