Abazali bavalele uthishanhloko endlini yangasese enukayo

2017-03-15 14:01

Cape Town – UMnyango wezeMfundo eWestern Cape uthi uthole umbiko ngodaba lwesikole saseLwandle ngoLwesibili ekuseni, lapho khona uthishanhloko evalelwe endlini encane.

Abazali kanye nabafundi baseSolomon Qatyana Primary School bavalele uthishanhloko kanye nesikhulu soMnyango endlini yangasese.

Kukholakala ukuthi bebefuna ukufundisa isifundo izikhulu zesikole ngenxa yezindlu zangasese ezinukayo kulesi sikole.

OLUNYE UDABA: Kuvele okusha umama nesoka benikwa ibheyili

Ukufunda kuphazamisekile ngesikhathi kubhikisha abafundi nezingane zesikole.

OwoMnyango wezeMfundo, uPaddy Attwell, uthi isikhulu soMnyango besivakashele isikole sizohlola isimo sesikole njengokwejwayelekile.

Kuthiwa isikhulu besinomhlangano nothishanhloko ngesikhathi sibizwa ukuba sizobona isimo sezindlu zangasese, nokuyilapho befike bavalelwa khona.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...