Abazali bavale amasango befuna kubuyiselwe umfundi owaxoshwa

2018-02-26 16:04

eThekwini - Kuphazamiseke ukufunda esikoleni samabanga aphakeme iKuhle Konke Secondary, eMaswazini, e-Elandskop.

Abazali bevuke umbhejazane bavala amasango akulesi sikole  Msombuluko ekuseni bekhala ngokuthi akubuyiselwe umfundi owaxoshwa.

Labazali abebethukuthele begane unwabu bagasele kulamasango esikole bavimba yonke into engenayo kwama nse.

Izingane zisale dengwane ngaphandle kwamasango kanjalo nothisha behleli ezimotweni zabo kwazise bebengakwazi ukungena kwaze kwalamula ukufika kwabakasidlodlo ababulale ingidi ebekukhiywe ngayo.

OLUNYE UDABA: Umfundi ugwaze omunye washona bexabana

Ngesikhathi i-KZN Eyethu ihambele kulendawo ifike abazali kanye nabafundi bebhodla umlilo bethi bafuna umfundi owaxoshelwa icala ekuthiwa laqulwa ngonyaka odlule abuyiselwe esikoleni.

“Sifuna ahambe uthishanhloko asisamdingi neze kulesikole. Kusasa siyaphindela uma zingekho izinyathelo uMnyango wezeMfundo ozithathayo kukhulu okuzokwenzeka.

"Udlala ngathi umnyango ngoba akukho ongakwazi ngalesi sikole. Abafundi abenza uGrade 13 ukhokhiswa o-R500 esingazi ukuthi ngabani esingayitholi incazelo.

Kwathiwa abafundi asibathengele omakhalekhukhwini ukuze babasebenzise ekungeneni kwi-intanethi njengoba engekho amacomputer kodwa bayaziphuca mase bethi azikhokhe o-R100 ukuze bathole omakhalekhukhwini babo esingazi ukuthi lemali kwenziwani ngayo,” kusho omunye umzali obebhodla umlilo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uScelo Khuzwayo uthe isimo salesikole bayasisebenza.

“Sithanda ukunxusa umphakathi ukuba ubambisane nesigungu esilawula isikole (School Governing Body) kanye nesikole ungazibambeli umthetho ngezandla.

"Siyacela ukuba umphakathi uma kunezinto onganelisekile ngazo ulandele  imigudu efanele ngaphandle kokwenza okuphambene nomthetho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...