Abavoti bangawasebenzisa amakheli ezitolo zangasemakubo

2016-03-04 16:00

Durban – Abantu abahlala emijondolo nasezindaweni ezisemakhaya abazobe bebhalisela ukuvota kule mpelasonto, bangasebenzisa izitolo, amasonto noma izikole abasondelene nazo njengekheli.

Kuthiwa uma bengazi nokukodwa kulokhu bazophindiselwa emuva.

USihlalo we-Independent Electoral Commission e-KZN, uMawethu Mosery, uthe lesi sinqumo sigqugquzelwe ngesenkantolo mayelana nomasipala baseTlokwe nakuBaqulusi.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni uthi luzoqhubeka ukhetho

Ukhetho lokuchibiyela eTlokwe, eNorth West, lwaphinde lwahlehliswa ngemuva kokuthi inkantolo yakhipha isinqumo sokuthi abavoti kumele baveze amakheli abahlala kuwo.

Okufanayo kwenzeka eVryheid, lapho amaqembu ayesolana ngokuletha abantu bakwezinye izindawo kuthiwa abayovota kulo masipala.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...