Abasolwa bayaliphika elokubulala ibhungu 'elaleba' ujikanelanga eColigny

2018-03-20 16:01

Mahikeng – Amadoda asolwa ngokubulala ibhungu eColigny aliphikile icala ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu yaseNorth West, eMahikeng, ngoLwesibili.

Laba abasebenza epulazini - okunguPieter Doorewaard, 26, noPhilip Schutte, 34 – bawaphikile amacala okubulala, ukusabisa, ukuthumba, ukweba, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nokukhomba ngesibhamu.

Bechaza, baphikile ukuthi bambulala ngamabomu uMatlhomola Moshoeu ngokumphushela ngaphandle imoto ihamba.

Baphikile futhi nokuthi babephethe isibhamu esingekho emthethweni.

UDoorewaard noSchutte kusolakala ukuthi babamba uMoshoeu eba ujikanelanga ngomhlaka-20 Ephreli nyakenye.

Bathi babemuhambisa emaphoyiseni ngesikhathi egxuma imoto ihamba ezama ukubaleka, wabe esephuka intamo.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuhlaselwe intatheli odlameni oluqhubekayo eColigny

Owazibonela kwenzeka lesi sigameko wathi uMoshoeu waphushelwa ngaphandle imoto ihamba.

Abazali baMoshoeu bebekhona enkantolo bephelezelwe yizihlobo.

UMbuso ubize ufakazi wokuqala, uDkt Ruweida Moorad, ongungoti kwezokuhlola izidumbu.

Wethule ubufakazi wathi ukulimala kukaMoshoeu kuyahambisana nokomuntu owagxuma emotweni. Nokho uthe azikho izimpawu ezitshengisa ukuthi uMoshoeu wazama ukuzivikela ngesikhathi "egxuma".

Bobabili bangaphandle ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...