Abasolwa babaleke bashiya izikhali ngemuva eThekwini

2016-09-02 19:30

Durban - Abasolwa bashiye iziqhumane zabo ngemuva nokukholakala ukuthi bebezozisebenzisa ukuqhumisa iseyifu.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuphangwa isitolo esise-Warner Beach, kubika iCitizen.

Onogada be-ET Rapid Response bafike ngokushesha ngesikhathi kucifizwa i-alamu eVictory KwikSpar lapho bafike bathola khona amadoda amabili ahlomile ebukeka esolisa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ngobugebengu e-E Cape

Laba basolwa bavulele ngenhlamvu lapho kufika olunye uphiko lonogada, kulimale iphoyisa lomphakathi ngesikhathi abasolwa bebaleka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...