Abashayeli bashe bangqongqa kungqubuzana izimoto zabo

2017-10-01 16:30

Cape Town – Abantu ababili  bashonile ngesikhathi izimoto ezimbili ebebehamba ngazo zingqubuzana eBlouberg, eKapa, ngeSonto ekuseni, kusho okhulumela amaphoyisa omgwaqo eWestern Cape uKenny Africa.

Izimoto zivuthe amalangabi ngemuva kokushayisana ngezithuba zabo-04:00 ekuseni ku-R27 West Coast Road.

Bobabili abashayeli bashe bangqongqa.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa ngaphandle kwendawo yokucima ukoma

Namanje abaziwa ukuthi bangobani ngenxa yokuthi imininingwane yezimoto zabo noma eyabo uqobo ibingathokalali endaweni yesigameko.

Amaphoyisa kanye nophiko lochwepheshe bezindawo zezigameko bamatasa bayaphenya.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...