Abashayeli bama-meter taxi bayaqhubeka nokuhilizisana

2017-07-17 12:33

Johannesburg - Amaphoyisa asejutshwe ngasesiteshini seGautrain, eSandton, kulandela ukubikwa kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabashayeli be-Uber.

Abashayeli bama-meter taxi kuthiwa bavimbela abashayeli be-Uber ukuba basebenze endaweni.

Abashayeli be-Uber bathi bahlukunyezwe baphinde besatshiswa ngesikhathi besebenza esiteshini seGautrain eSandton.

OLUNYE UDABA: Kugcine kumenele umshayeli we-Uber owashiswa

Amakhasimende afuna ukusebenzisa izimoto ze-Uber ukusuka esiteshini seGautrain ayacelwa ukuba aqhele ngakule ndawo, ukuqinisekisa ukuphepha kwawo.

Abashayeli bama-meter taxi bathi ngeke bayivumele i-Uber ukuba isebenze kule ndawo kuze kube indlela esebenza ngayo ilawulwa uhulumeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...