AbaseBuhleni bazophenya 'ngokubulawa' kweNkosi uVela Shembe

2017-02-16 09:30

Durban - Sesigxekwe ngamalunga ezinye izinhlangothi zebandla lamaNazaretha isenzo 'sokubulawa' kweNkosi uVela "iMisebeyelanga" Shembe webandla laseThembezinhle.

Lokhu kulandela umbhawo wowesifazane enkundleni yezokuxhumana uFacebook obhale mayelana nokukhothama kwale Nkosi.

IPhephandaba iLanga lizamile ukuxhumana noMfundisi Abraham Hlatshwayo okunguyena okhulumela ibandla laseBuhleni kodwa langaphumelela.

Yize kunjalo leli phephandaba lixhumene nomunye wabafundisi baleli bandla othe: "Akekho othunywe wuNyazilwezulu ukuba abhale izinto ezinje ezinkundleni zokuxhumana.

"UNyazilwezulu kaluhambisani nezinkulumo ezihlambalazyo, sizoluphenya lolu daba," kusho lo mfundisi ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe.

OLUNYE UDABA:EZINGENAYO: Ingamampunge eyokukhothama kweNkosi uVela Shembe

UNkosiyemvelo Nkosi ongomunye wabaholi bohlangothi lwaseGinyezinye oluholwa yiNkosi Mudliwamafa Shembe uthe: "Kuyadumaza okwenziwa ngabalandeli baseBuhleni ngoba ekugcineni kosuku abaholi bawumndeni owodwa."

"Makungathi uma kukhona ukungaboni ngaso linye kube khona abafisela abanye ukufa . Nokho siyanxusa nakubaholi ukuba bazikhuze izenzo ezifana nalezi."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...