Abasebenzi abaxoshiwe bashise amahhovisi

2018-01-23 12:34

Johannesburg - Idolobha laseTshwane likugxekile ukushiswa kwamahhovisi eMabopane ngoMsombuluko, eshiswa abantu abasebenza ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-expanded public works programme.

Balinganiselwa kwabangu-45 abantu abaphelelwe yizinkontileka zabo ebebesebenzela iVat Alles abafike kule ndawo eku-Block A, bashisa amahhovisi eMabopane ngezithuba zabo-08:00 ekuseni.

“Bephule isango, bashisa imigqomo kadoti, kanye nehhovisi,” kusho idolobha.

“Baphinde bacekela phansi indlu yangasese yonogada. Kubizwe ngokushesha abezicimamlilo bazocima umlilo.”

OLUNYE UDABA: Sesulile isikhulu sakwa-Eskom

USelby Bokaba, ongumqondisi wezokuxhumana kuleli dolobha, uthe abantu ababesebenzela iVat Alles yibona abenze lokhu.

Selokhu kuqale unyaka laba basebenzi badala isiphithiphithi ngenxa yokuthi izinkontileka zabo seziphelelwe yisikhathi.

Laba basebenzi bathi besekuphele iminyaka emithathu besebenzela idolobha.

Bathi uhulumeni obuphethe kuleli dolobha ngokwedlule wabatshela ukuthi nakuba benezinkontileka, ngeke baphelelwe umsebenzi.

Bakhala nangokuthi baxoshwe emsebenzini bengazange banikezwe izaziso.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...