Abaqwayizi babambe inkunzi ikhehla eThekwini

2017-11-13 14:00

Durban - Ikhehla elineminyaka engu-60 ubudala kusolwa ukuthi libanjwe inkunzi ngumqwayizi eVerulam, enyakatho yeTheku ngoMsombuluko ekuseni.

UPrem Balram, okhulumela iReaction Unit South Africa (Rusa), uthe lo mkhulu odayiselwe ucansi wumqwayizi ubanjwe inkunzi eduzane nasemathuneni akuWick Street, eVerulam.

OLUNYE UDABA:Umqwayizi ushaye ikhasimende elizitike ngaye langakhokha

"Ngezithuba zabo-10:35 ngoMsombuluko, leli khehla lifike emahhovisi akwaRusa lifuna usizo. Litshele amaphoyisa ukuthi ngesikhathi lizihlalele endaweni yokucima ukoma, lixoxiswe ngowesifazane olithembise ucansi ngemali encane engu-R40.

"Le ndoda ibe isilandela lo wesifazane baya kwisakhiwo esiseduze namathuna. Libe selikhokha le mali engu-R40.

"Leli khehla liqhubekile lachaza lathi likhumule ibhulukwe lalo, kwabe sekufika omunye wesifazane, bobabili babe sebelihlasela balithathela yonke imali yalo. Base bekhala amaphepha," kusho uBalram.

Uthe laba besifazane babonakale bethenga ukudla eduzane naserenki yamabhasi.

Ngokusho kwalo mkhulu, omunye walaba besifazane ubethwele iduku ekhanda omunye izinwele zakhe zidaywe ngombala o-purple.

 - Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...