Abanye babafundi babuthane enkantolo beyokweseka uManana

2017-09-13 12:31

Johannesburg – Abanye abafundi basenyuvesi bashiye ukufunda ekuseni bayogcwala eNkantolo kaMantshi eRandburg beyokweseka uMduduzi Manana obhekene namacala okushaya.

UManana, owayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, ubezovela enkantolo ekuseni ngoLwesithathu ngezinsolo zokushaya abesifazane ababili endaweni yobumnandi ngenyanga edlule.

Iqeqebana labafundi ebebegqoke izikibha ezikhombisa ukweseka kwabo uManana bathi ufanelwe ukuthola ithuba lesibili.

OLUNYE UDABA: Bangu-9 ababoshelwe ukushisa isikole

Bathi bazocela inkantolo ukuba uManana angagqunywa ejele uma esegwetshwa, kodwa alengiselwe isigwebo sakhe.

Ngakolunye uhlangothi, abafundi abangaphansi kwenhlangano yeDemocratic Alliance [DASO] nabo bebekhona kodwa bezofuna ukuba inkantolo imjezise uManana ngesenzo sakhe.

UManana wadedelwa ngebheyili ka-R5 000, wabe esehla esikhundleni sakhe ngemuva kokufakwe ingcindezi.

- The Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

ISilo sixwayise uRamaphosa

2018-01-21 10:29
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...