'Abantu kumele bayeke ukuzonda uMengameli Zuma'

2017-02-08 10:00

Cape Town – Usomahlaya odumile kuleli kanye naphesheya kwezilwandle, uTrevor Noah, useveze umbono wakhe ngoMengameli wezwe, uJacob Zuma, enkundleni yezokuxhumana iTwitter, ngaphambi kwenkulumo kaMengameli, iState of the Nation Address (SONA), ebhekwe ngabomvu.

OLUNYE UDABA: ‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

Le nkulumo izoba ngoLwesine, ngomhlaka-9 kuFebhuwari, ePhalamende likazwelonke.

UTrevor ubhale ukuthi:“Abantu kumele bayeke ukuzonda uMengameli Jacob Zuma. Kubo bonke omengameli abakhethwe ngokwentando yeningi ukwabathathu abaphezulu. Kalula nje.”

Abantu abafunde umbhalo kalo somahlaya bavele baphela yinsini, bathi kukhona umengameli uNoah amkhohlwayo, okunguKgalema Monthlante - owabamba lesi sikhundla isikhathi esifushane.

Abanye bebencoma amancoko kalo somahlaya, bethi uyakwazi ukuhlekisa umuntu ecashile.

Zibonele lo mbhalo ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...