'Abantu besimame bantekenteke kakhulu ukuthi bangahola izwe'

2017-02-08 10:01

Durban – Uhlangabezane nezingqinamba ezimbalwa uNkosazana Dlamini-Zuma ngesikhathi evakashele esigodlweni seNkosi yakwaXhosa ngomkhankaso wakhe wokuhola uKhongolose.

INkosi uMpendulo Zwelonke Sigcawu ithe leli lizwe alikakulungeli ukuholwa ngumuntu wesimame, kubika i-The Mercury.

Le Nkosi isho lokhu ngesikhathi ivakashelwe wuDlamini-Zuma okhankasela ukuba nguMengameli wenhlangano i-African National Congress, esigodlweni sayo iNqadu Great Palace, eWillowvale.

OLUNYE UDABA:'Ukukho sezandleni zami ukuthatha esikaZuma'

Le Nkosi ayisinisanga mahleza ngokuveza imibono yayo ngokuthi abantu besimame bantekenteke kakhulu ukuthi bangahola izwe.

Ngesikhathi ikhuluma nabe-Independent Media le Nkosi ithe: “Anginaso isiqiniseko ngamakhono akhe (uDlamini-Zuma) okuhola izwe. Ukumubeka kulesi sihlalo kungaba yiphutha elikhulu kakhulu njengoba nezwe lethu limapeketwane.” 

Yize kunjalo iPhini likaNgqongqoshe wezaManzi ngokuThuthwa kweNdle uPam Tshwete uqhubekile nokukhankasela okaDlamini-Zuma kulo mcimbi.

Lo Ngqongqoshe uthe: “Silapha ukuzokweseka lo esimkhethile futhi asijiki. Sekuyisikhathi sokuthi abesimame bathathe izintambo bazibonakalise.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...