Abantu abaxole njengoba baxola nakuhulumeni wobandlululo - Dlamini

2017-12-17 16:04

Johannesburg - UMengameli wophiko lwe-ANC Women's League uBathabile Dlamini uthi abantu baseNingizimu Afrika kumele bafunde ukuxola ngodaba lokugodlwa kwamandla ombuso, ngendlela efanayo nalena abaxola ngayo kumbuso wobandlululo.

UDlamini ube nengxoxo nabe-News24 Politiki ngeSonto eNasrec lapho bekuqhubeka khona inkomfa ye-ANC kazwelonke.

Ngesikhathi ebuzwa mayelana nokungabibikho kobulungiswa kulaba abathintekayo odabelwe lama-#GuptaEmails, njengoCarl Niehaus kanye noNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule, uDlamini uthe abantu bangamaphixiphixi.

"Abantu baseNingizimu Afrika kungani bengaxoli? Kungani befuna ukulokhu bebiza abantu ngamagama. Kungani bengasho ukuthi akesizwe uvo lukaCarl simnikeze ithuba lokuthi aziphendulele." 

OLUNYE UDABA:BUKA: Ama-Khoi-san afuna ukubonana nobuholi be-ANC

Uthi abantu bakuleli abakuvezi ngendlela eyodwa ukudinwa kwabo.

"Kunabantu abazenzela umathanda kuleli, abantu bayathula abasho lutho ngabo, bese kuba khona labo abalandelwa eduze okukhulunywa ngakho konke abankwenzayo.

"Uma sikwazile ukuxolela uhulumeni wobandlululo, kungani sihluleka ukuxolela abanye futhi siqinisekise ukuthi sithatha izinyathelo ezifanelekile zokulungisa isimo," kuqhubeka yena.

UDlamini uqhubeke wathi abezindaba kanye nezakhamuzi azibanikanga abathintekayo kolwama-emails, isikhathi esanele sokuziphendulela ngendlela egculisayo.

"U-Ace usemkantshubomvu kuKhongolose. Ngicabanga ukuthi sifuna kuphela ukwahlulela abantu. Akekho okewabiza u-Ace ukuba zazoziphendulela ngakho konke lokhu." 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...