Abantu abasawethembi amaphoyisa - Stats SA

2017-02-14 12:32

Johannesburg - UPali Lehohla we-Statisticis South Afrika uthi abantu bakuleli bayaqhubeka nokungasiboni isidingo sokubika ubugebengu futhi badumele ngendlela ezisebenza ngayo izinkantolo.

Ngesikhathi ephendula imibuzo esithangamini sabezindaba ngemuva kokwethula ucwaningo lweStats SA mayelana nezisulu zobugebengu, uLehohla uvumile ukuthi iningi labantu baseNingizimu Afrika lilahlekelwe ukwethemba umsebenzi we-SA Police Service wokulwisana nobugebengu.

Ubugebengu obuningi eNingizimu Afrika abusabikwa.

Uthe lokhu kudalwa ukuthi abantu ababoni kukhona okungenziwa amaphoyisa ngobugebengu, nokuyinto athe iyisithombe esibi emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Kulimale abafundi beya esikoleni

“Kunjalo nje, ngicabanga ukuthi lokhu kwakha isithombe esibi emaphoyiseni njengoba abantu bethi sebelahlekelwe ukuwethemba umsebenzi wawo.”

Abantu baseNingizimu Afrika bayaqhubeka nokukhokhela izinkampani ezizimele zezokuphepha, usho kanje.

“Ngesikhathi sigcina ukubheka, amaphoyisa ayenesabelomali sika-R30 billion, kanti umphakathi usebenzisa imali engalinganiselwa ku-R45 billion ukuzivikela.”

- The Citizen

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...