Abantu abamhlophe nabo ababe ngamaphoyisa - Mbalula

2017-12-23 07:10

Pretoria - UNgqongqsoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ucele abantu abamhlophe ukuba bajoyine umbutho wamaphoyisa, ethi nabo kuwumsebenzi wabo ukusebenzela nokuvikela iNingizimu Afrika.

UMbalula ukhulume kanje eTshwane lapho obekuphothula khomna izinkulungwane zamaphoyisa.

"Bangu-12 abantu abamhlophe abajoyine umbutho awamaphoyisa ebantwini abangu-3499. Kuyethusa ngempela lokhu. INingizimu Afrika iyikhaya nakini," usho njalo.

OLUNYE UDABA:

Uthe izibalo emaphoyiseni zisanesikhala, zisalangazelela okukhulu.

Kusenjalo uMbalula ubonge isibalo sabantu besifazane abajoyine umbutho wamaphoyisa. Bangu-934 abantu besifazane abajoyine umbutho kubantu abangu-3499, okuyisibalo esikhulu sakamuva. 

"Ngiyakholelwa kubantu besifazane futhi ngiyabonga ukubabona bebaningi kangakaka emaphoyiseni," usho njalo. 

Lo mcimbi ubuhanjelwe wuKhomishana kazwelonke uGeneral Khehla Sitole naye odlulise ukubionga emaphoyiseni amasha.

 

 - TWITTER:

 - Iol

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...