Abamabandla bazonxenxa amaLungu ePhalemende ukuthi agudluze uZuma

2017-07-03 15:58

Cape Town – Inhlangano yamabandla, iSA Council of Churches (SACC) ihlela ukuthumela ithimba layo eKapa ngenhloso yokuzama ukunxenxa amaLungu ePhalamende ukuthi agudluze uMengameli Jacob Zuma bese kuhlakazwa iPhalamende, kubika iCity Press.

I-SACC – nemele amabandla angu-36 kanye nezinhlangano – ibhalele uSomlomo wePhalemende, uBaleka Mbete, ngoLwesithathu icela ukuba babe nomhlangano.

Laba holi bamabandla bathi bafuna ukunxusa unembeza wakhe, kanye nowamanye amaLungu ePhalamende, ukuthi “benze into efanele” ngokuthi avotele ukugudluza uZuma bese ehlakaza uhulumeni, nabathi usulahlekelwe yisimilo esifanelekile.

OLUNYE UDABA: UBathabile Dlamini useqokwe njengoNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile

Lokhu kuza njengoba uMbete esacubungula isinqumo azosithatha ngemuva kokuyalelwa yiNkantolo yoMthethosisekelo ngeSonto eledlule ukuthi athathe isinqumo esifanelekile esicelweni samaqembu aphikisayo sokuvumela amaLungu ePhalemende ukuthi avote ngokuyimfihlo uma sekuvotwa ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Zuma okuzovotwa ngaso maduze, nalapho ekhala (amaqembu aphikisayo) khona ngokusatshiswa kwamaLungu ePhalamende e-ANC.

Esikhathini esingaphezu kwamasonto amabili edlule, iSACC yahlaba ikhwelo lokuthi kube nokhetho olusheshayo kanye nokuthi uhulumeni uhlakazwe ngemuva kokuvela kwezinye izinsolo zokulawulwa kombuso kuma-emails aputshuka asaziwa ngokuthi ama-#GuptaLeak.

UNobhala Jikelele weSACC, uMalusi Mpumlwana, uthi iPhalamende yilona kuphela elingakwazi ukuthi lifake uhulumeni omusha, Uthi uhulumeni okhona njengamanje “ugcwele uphoyizeni omkhulu”.

UMpumlwana uthi iPhalamende libe nesandla ezinkingeni ezibhekene nezwe ngokuvikela uZuma esikhundleni sokumenza aphendule ngodaba lwaseNkandla. Uthi ukuba iPhalamende lathatha izinyathelo izwe belingeke libhekane nale nkinga. 

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...