Abalandeli babafana bokuthula noxolo balinde umthoba nhliziyo

2017-08-20 12:29

Durban - Asikungabazi ukuthi iKaizer Chiefs ayibanga noshintsho olutheni olubonisa intuthuko selokhu kwathatha umqeqeshi uSteve Khomphela kumasizini amabili adlule.

Kunalokho kubonakala selehle kakhulu izinga laleli qembu elalidume ngokuthatha izindondo lisaholwa wumqeqeshi uStuart Baxter.

Ngabe ukhona umehluko ozoqhamuka namaKhosi kule sizini?

OLUNYE UDABA:ZITHOMBE: IKaizer Chiefs ivakashelwe yizihlabani zabadlali baphesheya

Konke lokho sizokubona ngomdlalo wabo wanamuhla njengoba bezibhekana neBloemfontein Celtic emdlalweni wasemini ngo-3 enkundleni yaseFree Sate.

Amakhosi angena kulo mdlalo asazithoba amanxeba okushaywa yiSupersports United kowe-MTN8 kanti kulindeleke ukuba babuyise isithunzi sabo ngeCeltic.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...