AbakwaSassa baxwayisa labo abahola isibonelelo ngamaqola

2018-04-16 19:31

ISouth African Social Security Agency (Sassa) isixwayise labo abathola isibonelelo sikahulumeni ukuba baqaphele izigilamkhuba ezizenza izikhulu zakwaSassa ezilutha abantu ukuba bashintshe amakhadi abo ukuze bathole amasha kuzona.

Esitatimendeni esikhishwe abakwaSassa kuvela ukuthi labo abafake izicelo ezintsha kanjalo nabavuselelayo bazothola amakhadi amasha akwaSassa kusukela ngo-Ephreli 2018.

Abazothola amakhadi amasha yilabo abalahla amakhadi, noma amakhadi abo acekeleka phansi ngandlela thize.

Amakhadi akwaSassa azotholakala emahhovisi akwaSassa noma ePosini kulabo abahola emshinini ngamakhadi, nakwenzinye izindawo ezivunyelwe.

"Labo abasebenzisa amakhadi amasha akumele batatazele njengoba la makhadi ezoqhubeka nokusebenza kuze kube nguDisemba 2018," kuqhuba isitatimende.

OLUNYE UDABA: Nakanjani 'eyeqolo' bazoyithola ngo-Ephreli 1 - Sassa

USassa uzobathinta ngqo labo okumele bashintshe amakhadi uma sekufike isikhathi.

"USassa usuthole imibiko ethi kunamaqola azenza izikhulu zakwaSassa. Kuthiwa la maqola alutha abantu ekutheni bashintshe amakhadi abo ukuze bathole amasha kula maqola.

"USassa uthanda ukuxwayisa labo abathola isibonelelo ukuba banganikezi muntu ulwazi oluyimfihlo (okungama-pin code) ngoba ukushintshwa kwamakhadi kwenziwa emahhovisi akwaSassa kuphela. La maqola asebenzisa le mininingwane ukuthatha imali emakhadini abantu."

Isitatimende siphethe ngokuthi abakwaSassa ngeke bacele imininingwane yabantu ocingweni.


 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...