AbakwaPrasa baphenya esomfana owawa esitimeleni esasishosholoza

2016-12-09 16:01

Johannesburg – Abakwa-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) baqinisekise ukuthi baphenya imbangela yesigameko esaholela ekutheni kushone umfundi owawa esitimeleni sihamba, washona, ngesonto eledlule eGoli.

OLUNYE UDABA: Uyalulama umgibeli "okhishwe" esitimeleni esihambayo

UJC van Loggerenberg, 13, washona ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuwa esitimeleni esasishosholoza sakwaMertorail ngemuva kokudlula esiteshisni sesitimela iLuipaardsvlei eduzane naseKrugersdorp, entshonalanga yeGoli.

Lo mfana kuthiwa wayesendleleni elibangise esikoleni eyolanda i-report.

Kusolwa ukuthi ikhoshi ayekulo laligcwele kakhulu nokuthi uVan Loggerenberg waphusheka wawela ngaphandle.

Watholwa kujantshi eduzane nasekhoneni lika-Albertina Sisulu noChamdor Road.

NgoLwesihlanu, okhulumela iMetrorail eGauteng, uLillian Mofokeng, uthe abakwaPrasa bayaluphenya udaba.

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...