AbakwaGupta bazondelwa ukuthi bangamaNdiya - MKMVA

2017-06-20 09:32

Johannesburg – Abantu baseNingizimu Afrika banenkinga nomndeni wakwaGupta ngenxa yokuthi ungowokudabuka eNdiya, kusho uMkhonto we Sizwe Military Veterans Association.

I-MKMVA iphinde yathi abakwaGupta bafana neconsi olwandle odabeni lwe-state capture, olusuka ngeminyaka yango-1948 ngesikhathi kuqala ubandlululo ezweni.

Le nhlangano ibinesithangami sabezindaba ngoMsombuluko ekomkhulu le-ANC eLuthuli House.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulaw aobephuma ebhange eKZN

Lokhu kungemuva kokuba uKebby Maphatsoe noDes Van Rooyen bephinde bazigcina izikhundla zabo njengabaholi abaphezulu kule nhlangano ngesikhathi kunengqungquthela yesihlanu.

NgoMsombuluko, uNobhalala Jikelele omusha, uWiseman Ntombela, ngesikhathi ebuzwa ngomndeni wakwaGupta, uthe abantu bakuleli banenkinga nalo mndeni ngoba ungowokudabuka eNdiya.

Ugxeke abanye abantu bakuleli ngokuba nomqondo wangesikhathi sobandlululo, wokuncamela ukusebenzisana nabelungu kunamaNdiya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...