Abakwa-Sassa bahlongoza ukuyidiliva ngezimoto zemali eyesibonelelo

2017-03-02 16:01

Johannesburg –Uma singatholakali isixazululo ngenkinga ebhekene nabakwa-Sassa, lesi sikhungo esibhekelele ukuThuthukiswa koMphakathi eNingizimu Afrika singazithola sesiyidiliva ngezimoto zemali eyesibonelelo sikahulumeni, kubika iThe Star.

Lokhu kuvele ePhalamende ngoLwesithathu njengoba bekuhlanganyele ndawonye ikomidi elibhekelele izindaba zakwa-Sassa, ezoMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi kukhona neBhange Ngodla lakuleli.

Abaphathi balo Mnyango bebephendula imibuzo ePhalamende ngesikhathi amalungu ePhalamende ebuza ukuthi kuzokwenziwanjani uma kungukuthi azihambi kahle izingxoxo phakathi kwalo Mnyango kanye nabe-Cash Paymaster Services (CPS).

OLUNYE UDABA:Kumiswe isikhulu sakwaSassa

Lokhu kwenzeka-nje lo Mnyango usanda kuhoxisa amaphepha afakwe eNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesibili njengoba usaqhubeka nenzingxoxo zokulula inkontileka nabakwa-CPS.

Lokhu kuvunyelwa nayinhlangano i-Black Sash efuna ukuba inkontileka yakwaSassa ne-CPS iqhubeke nokusebenza uma isiphelelwe yisikhathi, ukuze abantu baqhubeke nokuthola isibonelelo sikahulumeni.

Le nhlangano yamalungelo abantu iphinde yaveza ukuthi ifuna ukufaka isicelo kuyona le nkantolo ukuba iphoqe iSassa noNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, ukuba baqinisekise ukuthi abantu abathola isibonelelo sikahulumeni bayavikeleka ekupheleni kwenyanga kaMashi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...