Abakwa-SANBS bacela kunikelwe ngegazi kuyaphuthuma

2018-01-12 14:02

Durban - UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uhlangene nabakwaSouth African National Blood Service bacela izakhamuzi zakuleli zinikele ngegazi ezindaweni okunikelwa kuzo ngegazi eziseduze nazo.

Isifundazwe sishodelwa yigazi njengoba sisalelwe yigazi lezinsuku ezimbili.

OLUNYE UDABA:UNgqongqoshe wezeMpilo e-KZN ucela kunikelwe ngegazi

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dlomo unxuse abantu ukuba banikele ngegazi ukusiza labo abalidingayo.

"Siyaqhubeka nokucela izakhamuzi zakuleli ukuba zinikele ngegazi ukusiza labo abalidingayo, okuyilabo abagulayo nababandakanyeka ezingozini. Siyalidinga igazi, abesifazane abalahlekelwa yigazi eliningi yilabo abanesifo somdlavuza, ngakho siyalidinga igazi."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...